Incazelo ngezinxushunxushu zaseNdlunkulu yakwaZulu

THE ZULU ROYAL FAMILY

Incazelo ngezinxushunxushu zaseNdlunkulu yakwaZulu

SIHLE KHUMALO explains.

Image: ANGELA TUCK

UKUKHOTHAMA kweNkosi kwaZulu, yize noma izinto zisuke zihamba kahle, kuba khona izinkulumo eziba khona. Kanti-ke uma kube kwaba khona umbango kuyenzeka kuze kufike lapho kuchitheka khona igazi.

Ezinye izibonelo zifaka ukubulawa kukaSigujana kaSenzangakhona, emva nje kokhukhothama kukababa wakhe. Yilokho-ke okwavula indlela nesikhala sokuthi uShaka kaSenzangakhona athole ukubusa.

Emva kweminyaka eyishumi nambili, ngo 1828, emumva kokuthi iLembe lihlanganise izizwe eziningi futhi ladlondlobalisa isizwe sakwaZulu , nalo labulawa abafowabo: uDingane kaSenzangakhona kanye no-Mhlangana kaSenzangakhona.

Kwaqhubeka isikhathi esiyiminyaka engamashumi amabili nesishagalombili, ngo-1856, lapho amadodana amabili eNkosi uMpande kaSenzangakhona ahlangana phezulu empini yaseNdondakusuka. INkosi uMpande yayingafuni ukuphumela obala ngokuthi ubani phakathi kukaMntwana uCetshwayo noMntwana uMbuyazi oyothatha ubukhosi. uMntwana uCetshwayo (nebutho lakhe uSuthu) wayinqoba lempi ehlula umfowabo kwaze kwadlulela nakubantu besifazane nezingane. Kulinganiselwa ukuthi kulempi kwafa abantu abayizinkulungwane ezimbili; kanti –ke futhi nezidumbu zazilokhu zichithwa umfula uThukela emva kwamaviki impi seyadlula.

Kamumva nje, khathi engakabi yiNgonyama (esewuMntwana) uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu –ngesikhathi  esacashiswe kwaNdebele  – kwadingeka ukuthi asheshe abuyele esigodlweni ngoba kwase kunamahemuhemu okuthi uMntwana uMcwayizeni, okwakunguyena ibambelankosi, angeke aphinde afune ukubudedela ubukhosi.

Yingakho-ke kungathusi kakhulu ukuthi emva kokukhothama kweNgonyama  uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu ngo Ndasa ngo2021 kubekhona ukungaboni ngasolinye eNdlunkulu.

Indaba iqale ngokuthi kufundwe incwadi yefa lapho iNgonyama yakhetha khona uNdlunkulu uMantfombi Dlamini (owayeyindodakazi yeNkosi uSobhuza waseSwazini) ukuthi uyena ozothatha ubukhosi.

Emva kwenyanga, ngoMbasa, uNdlunkulu uMantfombi Dlamini wasishiya emhlabeni, emva kokuba sesibhedlela izinsuku ezimbili.

Incwadi yefa kaNdlunkulu yakhetha ingane yakhe yokuqala, uMntwana uMisuzulu kaZwelithini.


Lees hierdie artikel in Afrikaans:

Read this article in English:


Incwadi eya kuMongameli wezwe

NgoNhlangulana ngo2021, uMntwana uThembi Zulu-Ndlovu (udadewabo weNgonyama uZwelithini) wabhalela incwadi uMongameli wezwe ekhalaza ngomhlangano owabizwa uMntwana uMangosuthu Buthelezi, njengo Ndunankulu wesizwe samaZulu, lapho uMntwana uMisuzulu wakhethwa khona amanye amalunga  omndeni aseNdlunkulu. Umntwana uThembi wayekhala ngokuthi imigudu yokukhethwa kweNkosi ayilandelwanga. Ngisazobuya kulencwadi...

Ezasenkantolo

Kwathi-nje zisuka; unkosikazi wokuqala weSilo, uNdlunkulu Sbongile Dlamini (ungam’phambanisi no Ndlunkulu Mantfombi Dlamini) waqonda enkantolo efuna ingxenye engu-hhafu yefa leNgonyama engasekho. Emthulweni wakhe enkantolo uNdlunkulu wathi khathi beshada ngo 1969, kusasele iminyaka emibili ukuthi owayesenguMntwana  ngalesosikhathi uZwelithini abekwe abeyinkosi – umshado wabo wawu owesilungu futhi uthi okwami wokwakho nokwakho okwami.

Ngayo leyonyanga, uNhlaba ngo2021, amadodakazi kaNdlunkulu uMaDlamini – abantwanenkosi uNtombizosuthu kanye no Ntandoyenkosi – babhalela inkantolo ephakeme bathi basola ukuthi isayini (phecekezi i-signature) encwadini yefa kwakungesiyona ekababa wabo. Baphinde baqhubeka abantwanenkosi bathi bacela inkantolo ukuthi imise onke amalungiselelo okubekwa kweNkosi entsha luze lusombululwe loludaba.

Kwathi ngoZibandlela ngawo njalo unyaka u-2021, uMntwana uMbonisi (umfowabo weNgonyama uZwelithini) naye waphikelela enkantolo ephakeme enesicelo esiphuthumayo sokuthi akumiswe ububekwa kweSilo esisha kuze kube yonke  imigudu  yokukhethwa kweNkosi ilandeliwe. Kumele kukhumbuleke ukuthi ngalesosikhathi kwakunamahemuhemu okuthi iSilo esisha sizobekwa engakapheli uZibandlela ngaye u-2021. 

Kwathi ngoNdasa ngo-2022, inkantolo ephakeme Kwazulu Natal (KZN) yawachitha onke lamacala amathathu. Ijaji u-Isaac Madondo, ikakhulukazi ecaleni lokuqala, lathi kunemigudu esemthethweni elandelwayo uma kukhulunywa izindaba zamafa. Ngakho-ke kufunakala kulandelwe leyomigudu ngaphambi kokuthi kuziwe enkantolo yakhe.

Emva kwezinyanga ezine, ngoNtulikazi ngo-2022, uMntwana uMbonisi wabuyela futhi enkantolo eyofaka esinye isicelo esiphuthumayo. Wayecela inkantolo ukuthi ikumise ukubekwa kweNkosi. Ngalesosikhathi kwakunamahemuhemu okuthi iNkosi izobekwa ngoMandulo ngo-2022. Isiphakamiso sikaMntwana uMbonisi kwakuwukuthi ngoba vele inkantolo isazolidingida loludaba lokubekwa kweNkosi; ngakhoke iNkosi entsha ayingabekwa kuze kuphele zonke izinkulumo nezinkonondo eziphambi kwenkantolo. Isicelo sakhe sachithwa.

Asibuyele encwadini eyabhalelwa uMongameli wezwe

Khumbula ukuthi lencwadi yayibhalwe uMntwana uThembi Zulu – Ndlovu eyibhalela uMongameli wezwe ngoNhlangulana ngo- 2021 ekhala ngokuthi imigudu yokukhethwa kweNkosi amanye amalunga omndeni aseNdlunkulu ayilandelwanga. UMongameli wayidlulisela lencwadi kuMnyango Wezokuphatha Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko (phecekezi, ngokufinqiwe -uCOGTA). UDokotela  uNkosazana Dlamini-Zuma, owayenguNgqongqoshe ngalesosikhathi kulomnyango wakwa COGTA, wakhetha ithimba elaliholwa owake waba uMphathi  e-KZN  uMnumzane Willies Mchunu.

Lelithimba noma ikomiti, emva kokuxoxisana nabo bonke ababethinteka kuloludaba, labe seliphothula umsebenzi  ngokuqala konyaka u-2022. Isiphakamiso salelithimba kwaba ukuthi, njengoba kwakusekhona ukudonsisana ezinkantolo, kumele zonke lezozinkulumo zize ziphele ngaphambi kokuthi uMongameli wezwe akhiphe isitifiketi sokuthi ubani iSilo esisemthethweni. Laqhubeka ikomiti lathi, okwesikhashana, kuzomele kubekwe ibambelankosi.

UMongameli engazathi akazange asigqize qakala lesosiphakamiso.

Kuzomele sikhumbule ukuthi, njengoba sengike ngasho, ukuthi ngaphambi kwalombiko wekomiti ngo 2022, kwaba khona ezinye izinto ezenzeka usaqala wona lowonyaka. iJaji uMadondo ethula isinqumo sakhe ngoNdasa ngo-2022 wathi kungeke kwaphikiswa ukuthi uMntwana uMisuzulu uyena okumele athathe ubukhosi. Izazi zomthetho nezamasiko zaligxeka kakhulu iJaji ngoba zithi lalikhuma into ebingalethwanga enkantolo. Futhi ngoNtulikazi ngo-2022, inkantolo yamchitha uMntwana uMbonisi khathi ecela ukuthi akumiswe ukubekwa kweNkosi.

Yingakho-ke mhla zingu-29 ngo-Mfumfu ngo- 2022, izinkulungwane zabantu zatheleka enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida zizobona ukubekwa kweSilo esisha. Kuzitatanyiswa ezazikhona, kwakubalwa noMongameli bezwe asebathatha umhlalaphansi uThabo Mbeki no Jacob Zuma. Kanti futhi kwakukhona neNkosi yase Swatini ephinde futhi ibe umalume weSilo uMisuzulu (ngoba iNkosi uSobhuza, ubaba weNkosi ephethe njengamanje, wayephinde futhi abe ubaba kaNdlunkulu Mantfombi Dlamini, umama weNkosi uMisuzulu)

Emva konyaka owodwa, ngo Mfumfu ngo-2023, inkantolo ephakeme ePitoli yahlala izinsuku ezintathu ilalele isikhalo mayelana nokuthi imigudu ayilandelwanga  ngesikhathi kukhethwa iNkosi entsha amanye amalunga omndeni aseNdlunkulu. Omunye owayehamba phambili kulesicelo sasenkantolo kwakungu-Mntwana uSimakade, indodana endala yeNgonyama engasekho uZwelithini. (Umama kaMntwana uSimakade akazange ashade neNgonyama uZelwithini.)

Emva kwezinyanga ezimbili, ngoZibandlela ngo-2023, iJaji u-Norman Davis lanquma ukuthi ukubekwa kweNkosi uMisuzulu kwakungekho emthethweni ngakho-ke kumele kubuyiselwe eceleni. UMongameli wezwe walayelwa, njengoba kushiwo emthethweni obhekene nobukhosi bendabuko, ukuthi uma kukhona isikhalazo ngendlela okukhethwe ngayo iNkosi kumele kukhethwe ikomiti elizoyicubungula yonke leyondaba.

Emva kosuku kuphume lesisinqumo, ihhovisi likaMongameli wezwe lakhipha isimemezelo sokuthi lizolidlulisela phambili loludaba.

Ngaphezu kwalokho, asingakhohlwa ukuthi ngoNcwaba ngo2022, inkantolo yokudluliselwa kwamacala yavuma ukuthi izoludingida loludaba lukankosikazi wokuqala uNdlunkulu Sibongile Dlamini olumayelana nokuthi athole ingxenye engu-hhafu yefa. Inkantolo ephakeme eKZN, njengoba sengike ngachaza, yayikade imchithile uNdlunkulu. Wathi noma esecela imvume yokulidlulisa loludaba, yaphinde yamchitha futhi. Wabe esebhalela inkantolo yokudluliselwa kwamacala ngqo.

Sengiphetha, mabili amacala inkantolo yokudluliselwa kwamacala okuzomele iwadingide. Kuzomele isho ukuthi ingabe uNdlunkulu Sibongile Dlamini uyayithola yini ingxenye engu-hhafu yefa likamkhwenyane wakhe. Okwesibili, inkantolo kuzomele icubungule ukuthi ingabe umugudu kanye nomthetho walandelwa yini khathi kukhethwa iNkosi entsha. 

Kazi iyozala nkomoni!

uSihle Khumalo ungumbhali wezincwadi oqavile. UMntungwa usebhale izincwadi ezinhlanu, kanti izincwadi zakhe seziwine imiklomelo futhi zathengwa ubuthaphuthaphu. Isihloko sencwadi yakhe yokugcina sithi-Milk the Beloved Country.

♦ VWB ♦


BE PART OF THE CONVERSATION: Go to the bottom of this page to share your opinion. We look forward to hearing from you.

Speech Bubbles

To comment on this article, register (it's fast and free) or log in.

First read Vrye Weekblad's Comment Policy before commenting.